Uthole ibheyili umfundisi wenkolo kaSathane

2015-03-04 12:30

Johannesburg - Ugogo nomkhulu bengane eneminyaka engu-9 ubudala nomfundisi wenkolo kaSathane bathole ibheyili ngemuva kwezinsolo zomhlatshelo kaSathane owaholela ekutheni kudlwengulwe ingane, kubika iThe Star ngoLwesithathu.

Ugogo, umkhulu, umalume, 29, nomfundisi, 54, bathole ibheyili ka-R4 000 ngamunye eNkantolo yeMantshi yaGermiston ngoLwesibili.

IMantshi uSharlotte Sithole uthe umbiko kadokotela wangonyaka ka-2013 ngesikhathi umfana eneminyaka engu-7 awuvezi lutho olutshengisa ukuthi wadlengulwa umfana.

OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo umfundisi 'wenkolo kasathane'

Ngokombiko weThe Star umphenyi uLt Colonel Hendrick de Jager uthe kuthiwa umalume, ugogo nomkhulu bathatha ingane bayiyisa kumfundisi esontweni lapho abantu bakhona bezimboza ubuso begqoke nezingubo ezinde benza isikokela ngamatshe abomvu.

Kuthiwa yingaleso sikhathi lapho ingane yadlwengulwa khona ngumalume wayo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...