Uthole ibheyili uPanday

2012-04-19 13:16
Yabelani Shicilela

Durban -  Usomabhizinisi waseThekwini uThoshan Panday unikezwe ibheyili ka-R200 000 yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine. 

IMantshi uSharon Marks uyalele uPanday ukuba angakhulumi namalungu eSouth African Police, ngaphandle kommeli wakhe.

Akavumelekile ukuphazamisa uphenyo lwamaphoyisa noma ofakazi.

UPanday noCaptain Aswin Narainpershad babhekene namacala okuhlela ukukhwabanisa nenkohlakalo.

Basolwa ngokuzama ukunikeza uCaptain Kevin Stephen u-R1 million ukuze abasize bathole amarisidi angesilo iqiniso enani lika-R15 million ababezowahambisa kwi-SA Police Service, kusukela ngoDecemba 2011 kuya kuMashi 2012.

Ngesikhathi eboswa ngo-Ephreli, waphuma ngebheyili ka-R100 000 ecaleni lokuzama ukugwaza ngo-R2 million wesikhulwini soKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Johan Booysen.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-19°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 12-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...