Uthole ibheyili uBobby

2012-08-16 16:22

Johannesburg - Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung ukhishwe ngebheyili ka-R50 000 eNkantolo yeMantshi eNelspruit, ngoLwesine, kusho umsakazo wakwa-SABC.

Umsolwa aboshwe naye uHerbert Theledi naye unikwe ibheyili ka-R50 000, laba babhekene necala lokukhwabanisa ekuthiwa balenza ngesikhathi kwakhiwa inkundla yezemidlalo iMbombela, eMpumalanga.

Icala lihlehlele umhlaka-15 Okthoba, kusho umlayezo obhalwe ku-Twitter, ubhalwa ngumkhulumeli wophiko loKlebe uMcIntosh Polela.

Balinganiselwa ku-100 abantu ababhikishe ngaphandle kwenkantolo, ababhikishi bebebuza ukuthi ngubani owabulala uJimmy Mohlala owabe engumkhulumeli kaMasipala iMbombela.

UMohlala wadutshulwa wabulawa ngemuva kokubika ngenkohlakalo eyabe yenzeka ngesikhathi kwakhiwa inkundla.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 18-32°C Showers early. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C Showers early. More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...