Uthole ibheyili owelokhwabanisela umshwalense

2013-01-14 14:26

Durban - INkantolo iDurban Commercial Crime isinikeze ibheyili ka-R2 000 isikhulu soMnyango wezaseKhaya esibhekene necala lokukhwabanisa imali yomshwalense.

UBongeka Khanyile, 29, uzophinda abuyele ngaphambi kwenkantolo mhlaka-8 Febhuwari.

UKhanyile ungumsolwa wesithupha kuleli cala elihlanganisa ongqondongqondo ekuthiwa bebeqola izinkampani zomshwalense, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Vincent Mdunge, esitatimendeni.

Abasolwa bebethatha omazisi babantu bababhalise bethi sebashona, enye yezinkampani eziqoliwe, yinkampani iMomentum, eqolwe isamba esingu-R50 000.

Umsolwa wokuqala uJackson Zungu, waboshwa mhlaka-12 Disemba, ebanjwa esePinetown, ngemuva kwakwe kwaboshwa uJohn Mhlangu, waseStanger.

Mhlaka-13 Disemba kwaboshwa uSibongiseni Thabethe noMbongeni Majola, bona ababoshwa beseThekwini, mhlaka-14 kwaboshwa umsolwa wesihlanu uPatros Dlamini.

Bonke abasolwa bangaphandle ngebheyili.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...