Uthole ibheyili owe-NFP
2012-12-21 08:24
Durban - Ikhansela leNational Freedom Party elisolwa ngokubulala umlandeli weNkatha Freedom Party likhishwe ngebheyili ka-R20 000 eNkantolo yesiFunda eThekwini.
IMantshi Siphiwe Hlophe uthe icala likaMgezeni “Bhungu” Gwala libucayi kodwa ezobulungiswa ziyamvumela ukuthi akhishwe ngebheyili.
UGwala, indodana yakhe uMjabulelwa, uMalusi Sibusiso Ncengwa, uSkhumbuzo Nxumalo noBonginhlanhla Gwala basolwa ngokubulala umlandeli we-IFP uCebisile
Shezi.
Wadutshulwa wabulawa KwaMashu ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa ekhulume nabalandeli beNkatha kuleya ndawo ngo-Okthoba 6.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA