Uthole ibheyili osolwa ngokubulala umyeni

2013-02-19 10:02

Johannesburg - INkantolo yeMantshi yaseMiddelburg imnike ibheyili ka-R10 000 owesifazane osolwa ngokubulala umyeni wakhe, kusho imibiko yangoLwesibili.

URonell Botma kanye nabanye abasolwa abayisithupha, bavele ngaphambi kwenkantolo ngoMsombuluko, babhekene necala lokwakha itulo lokubulala, kanye nokubulala uTiziano Ciciliato, owabulawelwa emzini wakhe emasontweni amabili edlule.

Umufi wagwazwa waphinde washaywa ngesando wafa.

UBotma waboshwa kanye nesisebenzi sakhe sasendlini u-Annah Mokwana, 51, nodadewabo uDinah, 45, bobabili laba bangaphandle ngebheyili.

Abasolwa besilisa uMbuso Khoza, 29, Henry Chego, 29, Doctor Jacob Tlou, 30, noTsietsi Letsebe, 34, basasesitokisini.

IMantshi uHans Combrink inike uBotma ibheyili , yathi awekho amathuba okuthi angabaleka aye ngaphandle kwezwe, yathi futhi akasiyo ingozi emphakathini.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...