Utholakale eseshonile obedukile
2012-11-01 08:16
Pietermaritzburg - Sitholwe abantu abebezidlulela ngendlela isidumbu somshayeli wamatekisi akhokhelwa ngebanga alihambuile (meter taxi) waseHowick, sitholakala eMatimatolo ngaseGreytown.
Iphephandaba iThe Witness ngoLwesithathu libike ukuthi uNtsikelelo Neville Mbali, 54, wagcina ukubonakala ngo-Okthoba 18 kuleya ndawo.
Umndeni kaMbali uthe aweneme ngendlela amaphoyisa asingathe ngayo lolu daba.
Umndeni wabika ngokulahleka kwakhe ngesikhathi unkosikazi wakhe, uPamela, engamtholi uma efona.
Uthi amaphoyisa athola imoto kamufi ishayelwa umuntu abangamazi, kodwa amaphoyisa angakusukumela lokho.
Okhulumela amaphoyisa aseHowick uCaptain Lolly Moodley uthe le moto yayingazange ibikwe njengeyebiwe.
Kuvulwe icala lokubulala.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness