Utholakale ephila obethunjwe eKZN
2012-10-12 08:31
Gabisile Ngcobo, Jeff Wicks noBrett Horner, The Witness
Johannesburg - Utholakale ephila uLeon van Rensburg ngemuva kokuduka izinsuku ezintathu ngemuva kokuthunjwa ngemuva kokudunwa imoto, kusho umbiko.
Le ndoda yathumelela indodakazi yayo, 15, umqhafazo ngeselula kodwa ingane yangayibona ngenxa yokuthi ifoni yayicishiwe ngoba isekilasini.
Imoto kaVan Rensburg, nokusolakala ukuthi yadunwa eHillcrest ngoLwesibili ekuseni, yatholakala ishiywe yodwa ngoLwesithathu ngaseKokstad.
Yayingakhiyiwe kanti ukhiye wawusenjinini.
Okhulumela umndeni uRob Gardner uthe umndeni kaVan Rensburg, oseNew
Germany, ngaseThekwini, ujabule kakhulu ngalezi zindaba.
“Bazizwa bebusisekile kakhulu. Bekuyizinsuku ezintathu ezibe nzima kakhulu emndenini," esho.
Kuthiwa uVan Rensburg ufonele umngani ohlala eHowick, ese-Underberg ukwazisa umndeni ukuthi usadla anhlamvana.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness