Utholakale ecwiyiwe owasatshiswa umnakwabo

2012-06-12 10:50

Johannesburg - UMaphetho Ngutha waseNorth West, wamshaya indiva owesifazane owabe emsabisa ngokuthi uzumbulala uma engayeki ukuthandana nesoka lakhe, ngenyanga edlule uNgutha, 32, ube esenyamalala umndeni waze waya emhlahlweni.

Iphephanda iDaily Sun lithi umama kaMaphefo, uLettie wacela isangoma simsize athole indodakazi yakhe elahlekile.

"Isangoma sathi la akhona akamuhle kahle, saphinda sashaya ucingo sithi usemakhazeni eRoodeport."

"Ngambona ngeringi esozwaneni, ngathi uma ngimbukela eduze ngathola ukuthi ukhishwe amazinyo, ikhala nezindlebe, kusele amathambo wodwa,'' kusho umama.

Umfowabo kamufi uZonisele uthi ngesikhathi egcina ukukhuluma nodadewabo wamtshela ukuthi impilo yakhe isengcupheni, uthi wamazisa ngowesifazane ofuna ukumbulala ngoba emthathele isoka.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Odette van Staden uthi kuboshwe abesifazane ababili nabesilisa ababili mayelana necala lokubulala.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Angeke axolise uMalema - EFF

Emizuzwini eyi-25 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...