Utholakale KwaMashu obethunjiwe

2012-10-03 10:01

Durban - Kuthele izithelo ezinhle ukusebenzisana phakathi kwamaphoyisa namalungu omphakathi waseDurban North, ngesikhathi kuthungathwa owesifazane obethunjwe ngabaduni, ngoLwesibili, kubika iNewswatch.

Udaba lukaDorothy Carlyle, kukhulunywe ngalo kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.

Amaphoyisa agcine ebopha abantu abathathu.

UCarlyle, 60, uhlaselwe ngabathumbi ekade behlomile eseCadogan Drive, ngezithuba zawo-14:30.

Bamthathe bahamba naye ngesikhathi bemduna imoto, amaphoyisa akwazile ukulandela umkhondo, owakhombe eNewlands East.

UCarlyle utholakale evalelwe ebhuthini yemoto, esigcemeni sakwa-M, Kwamashu, utholakale ngezithuba zawo-23:00.

Ikhansela laseDurban North uDean Macpherson, uthe uCarlyle ungeniswe esibhedlela.

"Ubeshayiwe futhi ethukile," kusho ikhansela.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Showers late. Increasing cloudiness. Cool. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...