Uthishanhloko ulahle amaphepha okuhlolwa ka-matric

2012-10-26 07:46

Johannesburg - Uthishanhloko esikoleni samabanga aphakeme eSoweto, ulahle ibhokisi ebeliphethe amaphepha okuhlolwa kwabafundi baka-matric, kusho uMnyango wezeMfundo eGauteng.

UMnyango uthi amaphepha alahlekile ngaweSayensi, kuthiwa uthishanhloko ubewabeke phezu kwemoto ngesikhathi esalayisha enye impahla, ube esewakhohlwa, washaya wachitha engawalayishile.

"Ngesikhathi elayisha enye impahla, amaphepha anemibuzo asale ngaphandle. Ukhohlwe ukufaka ibhokosi emotweni yakhe," kusho isitatimende soMnyango.

Inhlekelele lena yehlele uthishanhloko wasePhefeni Senior Secondary School, e-Orlando West.

Uthishanhloko ubenikezwe omunye umsebenzi wokuqoqa amaphepha ezikhungweni, abafundi kudingakale bahanjiselwe amanye amaphepha.

UMnyango uthi zizohlolisiswa kabanzi izimpendulo zabafundi basezikoleni ezine ezisendaweni, kumanje uthishanhloko umisiwe emsebenzini, kuze kube kuphothulwa uphenyo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C High level clouds. Mild.
Jhb: 3-14°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...