Uthisha waseSoweto ezinsolweni zokunukubeza
2012-12-05 10:01
Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eGauteng usumise uthisha wasesikoleni samabanga aphansi eSoweto, kulandela izinsolo ezithi uhlukumeze ngokocansi abafundi, kusho umbiko.
Uthisha lona uke wabhekana nekomidi lokuqondisa izigwegwe, kuthiwa wakhombisa i-video yocansi kubafundi ababili abangamantombazane, wase enukubeza oyedwa kubo, kubika iSowetan.
Abafundi bakwa-Grade 7, baneminyaka ephakathi kuka-13 no-14 ubudala.
I-video ikhombisa iphoyisa lesilisa nelesifazane, bezitika ngocansi esibhedlela iLeratong.
Uthisha kuthiwa wanukubeza umfundi oneminyaka engu-13 ubudala, mhlaka-5 Novemba, umfundi ona-14 kuthiwa wakwazi ukubaleka.
Imindeni yabafundi itshele iphephandaba yathi ivule icala esiteshini samaphoyisa eKliptown.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nondumiso Mpantsha ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA