Uthisha ukhala ngabafundi abamhlukumezayo

2013-03-05 12:03

Cape Town – Uthisha osemncane esikoleni saseKapa uthi usathuke kakhulu ukuthi angabuyela emsebenzini kulandela ukuhlukunyezwa ngabafundi eklasini lakhe.

USharidene Meyer, 26, utshele i-Eyewitness News ukuthi umfundi owenza uGrade 8 eCrestway High School eRetreat umshise izinwele ngoLwesithathu.

Uthe ubemile ebhodini ngesikhathi ebona intuthu iphuma ezinweleni zakhe.

“Bengiseklasini ngesikhathi umfana engena ne-lighter engishisa izinwele,” kusho uMeyer evevezela.

Ngaphambilini, omunye umfana wamphula isandla kwathi omunye wakhuluma inkulumo enocansi phakathi.

Lo thisha ofindisa iHistory ne-Geography, nomncane kunabobonke abanye othisha esikoleni afundisa kusona, uthe abafana bamhlukumeza ngenxa yeminyaka yakhe.

Ulubikile lolu daba kanti umfana umisiwe esikoleni. Uphinde wavula icala lokuhukunyezwa. Amaphoyisa ayaphenya.

Isikhulu soMnyango wezeMfundo sithe umfana lo uzovela ngaphambi kwekomidi lesikole eliqondisa izigwegwe ngakho bazolandelela isikole.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...