Uthisha ubehola ehlezi ekhaya iminyaka

2012-11-16 08:30

Durban - Uthisha waKwaZulu-Natal nosethathe ikhefu lokugula iminyaka eyisishiyagalombili ubehola imali egcwele eMnyangweni wezeMfundo, ngokusho kombiko weThe Witness ngoLwesihlanu.

Lo thisha waseZululand, akakaze afundise kusukela ngo-Okthoba 15, 2004 kanti usedle uhulumeni imali engu-R397 911 ngezinsuku ezingu-1 615 zokufundisa.

Omunye uthisha waseThekwini wagcina ukufundisa ngo-Ephreli 18, 2007 njengoba yena kuthiwa usedle uhulumeni imali engu-R1 022 484 ngezinsuku ezingu-1 119 aseziphuthile ekumhlabakhefu wokugula.

Bobabili labo thisha bayavela embikweni wesabeloi sezimali soMnyango sika-2012/13.

Okhulumela uMnyango uMuzi Mahlambi uthe labo thisha abathintekayo bazohanjelwa yizikhulu zethimba elihlelwe yiNhloko yoMnyango uNkosinathi Sishi noNgqongqoshe uSenzo Mchunu.

Othisha okutholakala ukuthi abaguli ndawo bazoyalelwa ukuba babuyele ejokeni.

UMnyango uzimisele ngokubakhokhisa yonke imali abebeyidla behleli phansi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...