Uthi wayezivikela owe-NFP

2012-12-19 14:50

Durban - Ikhansela leNational Freedom Party uMzonjani Zulu uthi wayezivikela ngesikhathi edubula ebulala umlandeli we-IFP emagcekeni enkantolo, kulalele iNkantolo yesiFunda eThekwini ngoLwesithathu.

UZulu uthe indoda yayiphethe umkhonto kubonakala ukuthi ifuna ukumjuqa ngawo.

Ukusho lokhu ngesikhathi efaka isicelo sebheyili, ephendula nemibuzo yommeli wakhe.

UZulu usolwa ngokubulala uSiya Dlamini ngo-Okthoba ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma phambi kwamaphoyisa nabezindaba.

UZulu uqhuba ngokuthi kwaqhamuka amadoda amathathu, enye yamgxaza ngejakhethi.

"Ngazama ukuhlehla kepha bangilandela kwaze kuba ngivinjwa yimoto, ngabe sengihosha isibhamu ngiyadubula.

"Ngamxwayisa kuqala ukuthi angasondeli ngale kwalokho ngizodubula, kodwa waqhubeka nokuza kimina ngase ngiyamdubula."

UZulu uthe ngeke alivume icala.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Cool. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...