Uthi wayehlukunyezwa osolwa ngokubulala umyeni

2013-02-18 10:01

Johannesburg - Owesifazane obhekene necala lokubulala umyeni wakhe, utshele iNkantolo yeMantshi yaseMiddelburg ukuthi ubejwayele ukubhekana nokuhlukunyezwa yena nabantwana bakhe.

URonell Botma ufake isicelo sebheyili enkantolo njengoba esolwa ngokubulala umyeni uTizi Ciciliato.

Umsolwa uvele ngaphambi kwenkantolo ngesonto eledlule, ekanye nesisebenzi sakhe sasendlini u-Annah Mokwana, 51, nodadewabo uBule Dinah Mokwana, 45, Mbuso Khoza, 29, Henry Chego, 29, Doctor Jacob Tlou, 30, kanjalo noTsietsi Letsebe, 34.

Umbiko wephephandaba iBeeld, uthi abasolwa babhekene necala lokukwakha itulo lokubulala, ukubulala kanye nokubamba inkunzi.

UCiciliato wagwazwa waphinde washaywa ngesando wabulawa, esemzini wakhe eMiddelburg, isehlakalo senzeke emasontweni amabili adlule.

Ummeli kaBotha uJosef van Eeden, utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa ubehlukunyezwa ngumyeni wakhe.

"Indoda yakhe ibingamnaki futhi ingahlangani naye uma kumele kuthathwe izinqumo."

Icala liyaqhubeka


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 14-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...