Uthi waphushwa owabulala intombi ene-HIV

2012-11-29 14:05

Cape Town - Ugwetshwe iminyaka engu-18 ejele uSiyabonga Gelese, 23, waseSea Point, olahlwe yicala lokubulala owesifazane wase efihla isidumbu sakhe ngaphansi kombhede.

INkantolo yesiFunda eKapa iphinde yanika uGelese eminye iminyaka engu-10, mayelana necala lokudlwegula owesifzane ozithwele, izigwebo uzozidonsa kanyekanye, kubika iCape Argus.

IMantshi uLulamile Mdoda uthe "umcabangele" uGelese, njengoba ubevele esehlale ejele iminyaka emibili, kuthiwa ngenyanga kaJanuwari uGelese wagwaza uDesiree Davids, amanxeba angu-17, wase efihla isidumbu sakhe.

Laba kuthiwa bahlangana ekilabhini ebusuku base beya endlini kaGelese bazitika ngocansi, kwathi ngakusasa uDavids wadalula ukuthi unegciwane lesandulela ngculaza.

UGelese utshele inkantolo ukuthi wayefuna ukusebenzisa ikhondomu kodwa umufi wanqaba, uthe esembulele wabuyela ekilabhini wabuya nabangani bakhe.

Abangani bazitika ngocansi embhedeni onesidumbu ngaphansi, kwathi isoka lentombi selizumekile, uGelese wadlwengula intombi, eyabe ikhulelwe.

Lona ulivumile icala lokubulala waliphika elokudlwengula.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...