Uthi uqolwe yisangoma umfundisi KwaZulu-Natal

2015-05-08 16:02

Durban - Uqolwe yisangoma umfundisi waseMagabheni, eMkhomazi KwaZulu-Natal ngemuva kokuba nezinkinga zasekamelweni emshadweni wakhe.

Lo mfundisi waya kule sangoma ngethemba lokusizakala, asindise umshado wakhe kodwa kunalokho wagetshengwa.

Njengamanje lo mfundisi akasasebenzi futhi akanayo nemali ngisho nalezo eziphumayo uma usulile emsebenzini.

Lo mfundisi, 61, utshele abeDaily Sun ukuthi ulahlekelwe yikho konke asekusebenzele iminyaka.

"Ngavakashela isangoma ngo-Agasti sanginika amafutha, sase sangibizela emahhovisini aso aseThekwini ngemuva kwezinsuku ezimbili ngoba lalungekho ushintsho.

"Sangifaka egumbini elimnyama sucu lapho engangizwa amazwi abantu abadala bethi bangokhokho bami," kusho umfundisi.

Labokhokho bamubuza ukuba unamlini ebange wabaphendula bathi akophatha ushekhasi omkhulu ongenalutho bamupha imali engu-R600.

OLUNYE UDABA: Ukhala ngesangoma sokufika athi simqole uR200 000

Ngosuku lwesibili bamupha imali engu-R10 000, ngosuku lwesithathu bathi akaphathe imali engu-R24million wathi akanayo bathi akasule emsebenzini aphinde athathe nemali yempesheni ukuze bezoyithandazela.

Lesi sangonma sangikhapha saya ebhange naso ngakusasa,.

NgoJanuwari isangoma sahamba saya eTanzania.

Ngangingasoli ukuthi imali yami angeke ngiphinde ngiyibone, kusho uMfundisi.

'Ngimushayele ucingo ngesonto eledlule wathembisa ukuthi uzoyikhokha kodwa ngemuva kwalokho lavalwa ucingo nehhovisi lakhe.'

UNkosikazi kamfundisi uthe ushaqekile ngemfihlo yomyeni wakhe.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokukhwabanisa kodwa akukaboshwa muntu okwamanje.

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

  - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

  - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook     

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-15°C Sunny. Cool. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Sunny. Cool. PE: 11-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...