Uthi ufuna kubuye ilobolo osola unkosikazi umncisha ucansi

2015-09-21 18:46

Johannesburg – U-Isaac Simelane waKwaMhlanga, eMpumalanga, uthi bamxwayisa abantu ukuthi ilobolo lika-R10 000 likhulu kakhulu kumuntu onezingane ezintathu noseke wathandana nabantu abathathu.

USimelane uthi akagcinanga ngokusilobola isithandwa sakhe kepha waphinde wasipha u-R20 000 emalini yakhe yomhlalaphansi waphinde wasakhela indlu enamagumbi ayisithupha.

Le ndoda, 56, ithi ngaphezulu kwalokho yaphinde yamukela izingane zalo wesifazane njengezayo.

“Kepha kwathi ungakapheli nonyaka waqala wabeka ingubo yokulala phakathi kwethu embhedeni. Ngithi uma ngimuthinta avele asukume ayolala kusofa,” esho.

“Ngagcina ukwenza ucansi nonkosikazi wami eminyakeni emine eyedlule,” ezikhalela.

OLUNYE UDABA: Ushise unkosikazi efuna ilobolo

Uqhuba ngokuthi unkosikazi wakhe akayi ngisho emzini uma kunemisebenzi noma imingcwabo.

“Wangizwisa ubuhlungu ngesikhathi engisola nokulala namadodakazi akhe. Engona ngakho mina ukuthi ngikhuze lezi zingane ukuthi zingabalethi abafana kwami. Ngifuna kubuye ilobolo lami,” esho.

USimalane uthi umkakhe useke wamshaya emhlanganyela nezingane zakhe ekubeni egula.

Unkosikazi ukuqinisekisile ukuthi wathola incwadi yesivimbezelo yokuthi uSimelane angasondeli eduze kwakhe.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...