Uthi uboshelwe amanqina enyathi ummeli

2013-02-06 14:03

Durban - Owesifazane waseThekwini othi wanukubezwa waphinde wadlwengulwa ngummeli ohlonishwayo uMike Govindsamy, usamile kulokhu akushoyo, kubika iThe Mercury.

Lona wesimame ubhekene notalatiya lokuzama ukuqophisana noGovindsamy othi uboshelwe amanqina enyathi.

UGovindasamy uthi ummangali unokuphazamiseka okukhona ekhanda, uthi phambilini wavula icala lokugqekeza kwabuye kwashintshwa wathweswa yena icala lokuqamba amanga.

Lolu qweqwe lommeli liliphikile icala ngesikhathi luvele ngaphambi kukaJaji uFikile Mokgohloa, eNkantolo eNkulu eThekwini.

Icala lithi washaya lona wesifazane ngo-2007, ngesikhathi esaneminyaka engu-17 ubudala, kwathi ngonyaka ka-2010, wamdlwengula eseneminyaka engu-19 ubudala.

Ummangali uthi zombili izehlaklao zenzeka egumbini likaGovindasamy lokulala, emzini wakhe ose-Effingham Heights.

Uthi ngesikhathi kwenzeka isehlakalo sokuqala, wabe elele phakathi kukammangalelwa nonkosikazi wakhe kwathi kwesesibili senzeka elele phansi egumbini labo.

UGovindasamy uvumile ukuthi ummangali walala naye nonkosikazi wakhe embedeni, ethi wazicelela ukulala nabo ephikilela.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-21°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-21°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...