Uthi bekungeyehhashi lakhe insangu
2012-10-10 12:02
Johannesburg - Indoda yaseGoli eyabanjwa ngamaphoyisa iphethe umthunzi wezinkukhu, itshele inkantolo ukuthi insangu eyabanjwa nayo yabe iyithengele ihhashi layo.
Umsolwa uNtai Mokoena uvele ngaphambi kwenkantolo ngoLwesibili, wabanjwa ephethe insangu engu-68 grams, eziphendulela, utshele imantshi ukuthi uyaye athengele ihhashi lakhe insangu ngoba ilenza libe nomfutho.
Ebuzwa yiMantshi uLeon Ferreira ukuthi yena uyayisebenzisa yini, uthe: " Angidalelwanga leyo nto mina."
Insangu wabe eyithwele ngoplasitiki, ngesikhathi ethula ubufakazi uMokoena, bekugcina kuhleka wonke umuntu obelalele icala.
Imantshi imdedele ngesexwayiso, leli bekuyicala lakhe lokuqala.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA