Uthi akekho emjahweni wezikhundla ze-ANC

2012-03-21 14:53

Johannesburg - Ilungu lekomidi eliphezulu eqembini elibusayo uLindiwe Sisulu useziqhelelanisile namahlebezi athi usembangweni wezikhundla eqembini i-ANC.

Amahlebezi athi uSisulu usohlangothini oluphikisana nolukaMengameli uJacob Zuma.

"Uzakwethu uLindiwe Sisulu uyaziqhelelanisa nemibiko ethi uzoba semjahweni wezikhundla emele uhlangothi oluphikisana nomengameli," kusho umkhulumeli weqembu uJackson Mthembu.

"USisulu uyilungu leqembu elethembekile. Uwuqonda ngokuphelele uMthethosisekelo weqembu."

Imibiko yakamuva ithi uhlangothi olungaphakathi eqembini oluphikisa uZuma, luhlela ukufaka uSisulu angenele ukhetho lwezikhundla eziyisithupha eziphezulu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 17-18°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 14-15°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool. Bloem: 14-18°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 18-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...