Uthi akathukile uJuju

2012-11-30 14:02

Polokwane - Umholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema, oteketiswa ngelikaJuju, ubonakale engakugqizi qakala ukuthi wandiselwe amacala ngesikhathi evela ngaphambi kweNkantolo yesiFunda ePolokwane, ngoLwesihlanu.

UMalema ukhulume nabalandeli bakhe ngaphandle kwenkantolo eveza ukuthi phezu kwecala lokusebenzisa budedengu imali, inkantolo iphinde yafaka elinye lokwenza ubugebengu obuhleliwe.

Utshele abalandeli wathi leli cala yicala elimbi futhi elingahlalisa umuntu impilo yakhe yonke ejele, nokho wathi akasabi, ethi: "Akuxukuzeli sisu."

UJuju uhole abalandeli bakhe ngeculo, wababonga ngokumeseka, icala lihlehliselwe umhlaka-23 Ephreli, ngonyaka ozayo.

Abalandeli babambe umlindelo ngoLwesine ebusuku belindele umholi wabo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Wesulile esikhundleni uPansy Tlakula

Emizuzwini eyi-20 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...