Uthi akanaxolo owakhubazeka kweka Sifiso Zulu

2013-02-20 16:31

Durban - Akayingeni eyesixoliso sikaSifiso Zulu, owesifazane owakhubazeka ngesikhathi kwenzeka ingozi yomgwaqo eminyakeni eyisithupha eyedlule.

UDudu Ngema, 34, uthi akukho khona enhlizweni yakhe ukuxolela uZulu, laba bahlangane ejele laseWestville ngoLwesibili, njengoba uZulu ebekhuluma nemindeni yabalimala nabashona ngesikhathi enza ingozi ngemoto yakhe eyi-SUV.

Ingozi yadlula nemiphefumulo yabafundi ababili.

UNgema okumanje uhamba edondolozela, uthi kumele uZulu akhulume lonke iqiniso ngalokhu okwenzeka, ngaphambi kokuthi athole uxolo kwakhe.

“Angeke ngisamukele lesi sixoliso, akakhulume kuqala iqiniso linjengoba linjalo ngalokhu okwenzeka. Mhlampe uma enza njalo ngingase ngixole.” Esho etshela abezindaba zeDaily News.

Maduzane nje uZulu angase aphume ejele, njengoba kuvele ukuthi uzihlomulele ushwele kahulumeni.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 18-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...