Ususiwe esikhundleni sakhe uSimelane - Umbiko

2012-12-05 08:18
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UMqondisi kwezokushushiswa kwamacala omphakathi, nobelokhu esezinxushunxushwini, uMenzi Simelane, ugcine ngokukhishwa kuNational Prosecuting Authority (NPA), ngokusho kombiko wangoLwesithathu.

Okhulumela i-NPA uBulelwa Makeke utshele iphephandaba iThe Times wathi: "Akasasebenzeli i-NPA," ngaphandle kokunaba ngalolu daba.

Ngo-Okthoba, iNkantolo yoMthethosisekelo yahamba emazwini eNkantolo yokuDluliselwa kwamaCala ngesikhathi ivuna iDemocratic Alliance ekutheni uMengameli Jacob Zuma akahambisanga ngokomthetho ngesikhathi eqoka uSimelane.

Ngemuva kwalesi sinqumo, uNomgcobo Jiba wabe eseqokelwa kulesi sikhala, kodwa asizange sikhishelwe umphakathi isinqumo ngokuxoshwa kukaSimelane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...