Usuku lwesine uMandela esesibhedlela

2012-12-11 10:31

Johannesburg - Usalokhu elalisiwe esibhedlela owabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela, kanti kubonakale amasosha ayisishiyagalombili ehlola izimoto ezihambela isibhedlela i-1 Military Hospital, ekulaliswe kuso utata.

Amasosha ahlola zonke izimoto ezingena esibhedlela, izimoto ezihamba abezindaba zijikisiwe, zanqatshelwa ukuthi zingene.

Abezindaba babonakale bemi buqamama nendawo ekukanise kuyo amasosha.

NgeSonto ekuseni, uMengameli wezwe uJacob Zuma uhambele uMandela esibhedlela wathi umfice esesimweni esigculisayo kwathi ngoMsombuluko uNgqongqoshe woMnyango wezokuVikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula wakhuluma nabezindaba, ngaphandle kwesibheslela soMbutho, ethi uMadiba uqhuba kangcono.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-23°C Sunny. Mild. Pta: 21-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 17-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 17-30°C Passing showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm. PE: 19-22°C Showers early. Breaks of sun late. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...