Usoseshini wabasebenzi uyakhala ngoZuma

2013-02-15 16:38

Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma uhlulekile ukubeka obala izinhlelo ezizolandelwa ukuqinisekisa ukuthi kuyaliwa nokushoda kwamathuba omsebenzi, kusho usoseshini omele abasebenzi ngoLwesihlanu.

"Inkulumo yakhe ihlulekile ukubeka obala ukuthi kuzoliwa kanjani nokushoda kwemisebenzi, kwakhiwe namathuba amasha" kusho isitatimende seNational Employers' Association of SA.

"UMengameli uZuma ukhulume kakhulu ngezingqalasizinda nangezinye izinhlelo ezikhona kodwa wangachaza lutho ngamathuba omsebenzi, okuyiyonanto ebalulekile kuze kuzoliwa nale ngwadla."

Usoseshini uthi isibonelelo sabantu abasha angeke sibe wusizo eminyakeni eminingi ezayo.

"Isibonelelo singumqondo omuhle, nokho kumele kube khona uhlelo oluzoma lubhekane ngqo nokudalwa kwamathuba omsebenzi."

Usoseshini uphinde wakhipha izncomo ngemizamo yokulungisa isimo embonini yezimayini.

"Siyabonga ukuthi umengameli ukhulume wacacisa ukuthi angeke izimayini zingene ngaphansi kukahulumeni. Ukucacisa akwenzile kuzosiza ekuheheni abatshali zimali."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...