Usomabhizinisi uphika elokukhwabanisa

2013-01-31 10:03
Yabelani Shicilela

Durban - Usomabhizinisi waKwaZulu-Natal uJabulani Mabaso uwaphikile amacala okukhwabanisa ngokuveza amarisidi omkokotelo ngomsebenzi awenzela uMnyango wezeMfundo esifundazweni.

Uphinde waphika amacala abekwe inkampani yakhe iNdiza Infrastructure Solutions eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.

Kuthiwa le nkampani yanikezwa ithenda yokuhlinzeka ngezinsiza kulo Mnyango phakathi kuka-2005 no-2007.

Isivumelwano sasithi izaphulelo ezinikezwe iNdiza ukuthenga izinsiza zesikole, kumele zaziwe nguMnyango.

Izinsolo zithi kwalethwa amarisidi ‘asetshenziwe’.

Abantu okusolakala ukuthi babhala izimali ezingekho, ngokuyalelwa umsolwa, kulindeleke ukuthi babe ngofakazi boMbuso.

UMabaso waphuma ngebheyili ka-R1 million.

IJaji eliyibamba uKobus Booyens nguye osingethe lolu daba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...