Usomabhinisi nephoyisa kwelokukhwabanisa

2012-04-10 16:59

Durban - Usomabhizinisi waseThekwini uThoshan Panday kanye nesikhulu samaphoyisa uCaptain Aswin Narainpershad, bavele kafushane ngaphambi kweNkantolo yeMansthi eThekwini ngoLwesibili.

Abasolwa babhekene necala lenkohlakalo kanti uPanday, ugqunywe esitokisini kuze kuba ubuyela enkantolo mhlaka-13 Ephreli.

UNarainpershad,udedelwe ngebheyili ka-R20 000 kanti uzobuyela enkantolo mhlaka-26 Julayi.

Abasolwa baboshwa kanyekanye besolwa ngokwakha itulo lokwenza inkohlakalo nokukhwabanisa.

UMshushisi woMbuso uDorian Paver uthi abasolwa bagwazela iphoyisa uCaptain Kevin Stephen ngesamba esingu-R1 million. Lesi sehlakalo senzeke kusukela ngenyanga kaDisemba nyakenye kwaze kwaba yinyanga kaMashi kulo nyaka.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Cool. Pta: 16-29°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 11-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 12-29°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...