Usizwe yinkantolo obedelelwa kuFacebook

2013-02-04 12:01

Pretoria - Indoda yaseGoli ihleka yodwa ngemuva kokunqoba icala lokwedelelwa enkundleni yezokuxhumana iFacebook, ekade ilivulele omunye owabe engumngani wayo.

IJaji uNigel Willis ukhiphe isinqumo ngesonto eledlule, nokwenze kwacaca bha ukuthi abantu abadelela abanye kuFacebook, bangavulelwa amacala baphinde bagwetshwe, kubika iphephandaba iSaturday Star.

Amagama, elikammangali nommangalelwa, agodliwe.

Owesifazane wabhala ekhasini lalona wesilisa wathi: " Kazi kwenzekani kumuntu engangithi ungumngani wami weminyaka engu-15, kazi kwashintsha kuphi. Ukhumbule ukuthi ngihlale ngibona usizi ebusweni bamantombazane akho zonke izinsuku."

“Ngabe kumele sisole utshwala, izidakamizwa, isonto noma mhlampe zikhona ezinye izizathu ezenza uziphathe ngendlela oziphethe ngayo. Kazi uma uzibheka esibukweni udakiwe ubonani," kusho omunye wemibhalo.

Indoda icele inkantolo uthi ivimbe lona wesifazane, bese imtshela ayeke lo mkhuba wakhe.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Abafundi ecaleni lokushaya owesizane

Emizuzwini eyi-44 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...