Ushumpuke imilenze oziphonse esitimeleni
2012-11-21 14:04
Johannesburg - Owesilisa unqamuke imilenze yomibili ngesikhathi egxumela phambi kwesitimela sihamba, nokubukeka sengathi ubezama ukuzibulala eSoweto, kusho abezimo eziphuthumayo eGoli.
"Le ndoda, 30, yaseNaledi ishayiswe yisitimela ebesiza ngesikhathi izama ukuzibulala. Ibe isinqamuka imilenze," kusho okhulumela abosizo lokuqala uRobert Mulaudzi.
Ube eseyiswa eChris Hani Baragwanath Hospital nokuyilapho ethola khona usizo lokwelashwa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA