Ushonile oshiswe wuSari ewugqokile

2013-02-05 16:30

Durban - Owesifazane wasePhoenix nowasha ingxenye engu-85% yomzimba wakhe ngesikhathi kokheleka ngomlilo uSari ayewugqokile, ugcine ngokudlula emhlabeni.

UThirumani Govender, 56, uchazwe yindodana yakhe uDhersen, yathi ubengumuntu onesibindi kakhulu, nolwe kwaze kwaba ulala ukulala kwafuthi.

“Ubengafuni ukuphonsa ithawula, odokotela bathi uzophila amahora angu-48 kuphela kodwa wakwazi ukulwa isikhathi esiyinyanga.”

UGovender ubeyilungu eliqavile enkolweni yamaHindu kanti ubezinikele emsebenzini weNkosi, ngenyanga kaDisemba kokheleka
uSari wakhe ayewugqokile, ngesikhathi elayitha ilambu lakhe lokukhuleka, kusho umbiko weDaily News.

“Ngomzuzwana wabe esokheleke umzimba wonke, ngaphuthuma ngayobheka sase simphuthuma ngosizo lokuqala ngaphambi kokuthi ayiswe esibhedlela.”

UGovender ufihlwe ngoLwesine kanti akasiye umuntu wokuqala ukushona ngale ndlela.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-25°C Scattered showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-22°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-30°C Afternoon clouds. Warm. PE: 18-23°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...