Ushe wangqongqa umuzi kaDJ ebukele 'izidudla'

2015-09-15 08:31

Johannesburg - Ushe wanqonqa umuzi wendoda ogamalayo nguDoctor Ndlovu odume kakhulu ngelikaDJ Mageza yaseVosloorus eKurhuleni ngesikhathi imuka izidudla ngoLwesihlanu ekuseni.

UDJ Mageza uthi wahola ucingo oluvela enkampanini yonogada  eyayimbuza nge-alamu elalikhala emzini wakhe ekuseno ngoviviv ngoLwesihlanu.

“Ngangazi ukuthi akukho muntu kwami njengoba ngangithe indodana yami ayingalali khona ngase ngiyithumela ukuba iyobheka.

“Ngemuva kwesikhashana ngathola ucingo olushaqisayo.

OLUNYE UDABA: Kushone ingane kungqongqa umuzi eSoweto

“Angikholwanga ukuthi yonke into engiyisebenzele kanzima ishe yabangumlotha ,” kusho Udj Mageza.

Ngesikhathi lo FDJ efika kwakhe wafica omakhelwane bematasa bebhula ilangabi.

Lo DJ uhpinde wathi isizathu sokutshela indodana yakhe eneminyaka engu-17 ubudla ukuba ingalali khona yingoba wayesatshisiwe ngaphambi kokusha kwendlu yakhe.

“Ngikholwa wukuthi umfowethu umenzi walokhu ngoba unesiqiniseko sokuthi yimi unqondonqondo ekugqekezweni komuzi wakhe.”

Lo muzi ubunemopahla elinganiselwe emalini engu-R1.6 million.

AbeDaily Sun bakhulume nomfowabo kaDJ uMahlomolo Phiri, 30, oziphikile izinsolo zokushisa umzi kamfowabo.

Kuvulwe icala lokushisa esiteshini samaphoyisa aseVosloorus kanti amaphoyisa ayaphenya.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter    

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook     

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...