Useyinto yombhede owabeletha ngomthungo

2015-09-25 11:26

Johannesburg - Owesifazane oneminyaka engu-32 ubudala waseWolmaransstad eNorth West akasakwazi kwenza lutho kulandela ukubeletha ngomthungo.

USanah Molai akasakwazi ukuzigeza, ukuhamba nokuziyela endlini encane.

UMolai utshele abeDaily Sun ukuthi waba nalenkinga ngemuva kokuba ehlinzwe ezibhedlela ezimbili ezahlukene esuselwa usana lwakhe.

UMolai waya esibhedlela iNic Bodenstein lapho udokotela wamjova kumgogodla wase esehlinzwa kodwa wabe esemthunga ngaphambi kokuba akhiphe ingane ngemuva kwalokho wadluliselwa esibhedlela saseKlerksdorps esingama-80km ubuqamama.

OLUNYE UDABA: Kusolwa ukuthi wavalwa ngama-staples umthungo

"Ngathi ngifika esibhedlela udokotela wahlola ukuba isashaya yini inhliziyo yengane wabe esethi kufanele ngibelethe ngaphandle kokuchitha isikhathi," kusho uMolai.

"Ngabe sengizwa udokotela ethi kungani udokotela wokuqala ezame ukungibelethisa ekubeni engakwazi waphinde wathi ubethatha amashansi."

Yize kunjalo uMolai wabeletha ingane enhle futhi esesimeni esihle ngokwempilo kodwa wasala esewumuntu wokunakekelwa ngemuva kokubeletha njengoba esengakwazi ukuzenzela izinto esehlale elele embhedeni.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eNorth West uTebogo Lekgethwane uthe udokotela wokuqala akakwazanga umbelethisa ngenxa yezinkinga emsisheni.

"Wabe eseshayela omunye udokotela owathi akavale umthungo amdlulisele kwesinye isibhedlela."

ULekgethwane uphinde wathi wabeletha ngomthungo ngenxa yezinkinga zokuphefumula enganeni.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...