Usequbule umsindo umthandazi othi ulapha i-HIV

2015-09-16 18:40

Johannesburg – Umelaphi wendabuko ohlala ehostela laseJouberton, eGoli, uDumisani Lwandle, usethukuthelise izinhlangano nezakhamuzi ngokuthi athi welapha i-HV, ushukela ne-BP.

ULwandle, ongowokuzalwa eGreytown, KwaZulu-Natal, welaphela egumbini lakhe kuleli hostela.

Uma ungena kuleli hostela ubona izikhangisi ezihlahleni ezichaza ngomsebenzi kaLwandle othi welapha lezi zifo esezibaliwe.

“Ngiyakwazi ukudambisa i-HIV egazini igcine isiphelile nya,” kusho uLwandle ngesikhathi ebuzwa ngalolu daba.

“Ngiphinde ngenze okufanayo ngoshukela ne-High blood pressure.

OLUNYE UDABA: Uselapha nangezikibha umfundisi wodumo eThekwini

“Bengingakalaphi muntu i-HIV eJouberton naseKlerksdorp, kepha sengake ngamelapha umuntu waKwaZulu-Natal owayene-HIV,” kulandisa uLwandle.

Esinye isangoma kuleli hostela esizibiza ngoMakhosi, sithe ayikho le nto ekhulunywa uLwandle. Uthe abelaphi bendabuko abakwazi ukwelapha isandulela ngculazi.

ITreatment Action Campaign (TAC) iphinde yagcizelela ekutheni alikho ikhambi le-HIV, yase ixwayisa abantu ukuba bangadukiswa uLwandle.

- Health24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Cool. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Sunny. Cool. PE: 12-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...