Usenkingeni owalunywa yizinja ehambisa iposi

2013-02-13 12:01

Durban - Indoda ehambisa iposi yaKwaZulu-Natal, ibhekene nezindleko zesibhedlela zika-R40 000, kulandela ukwelashwa kwayo ikade idliwe yizinja idiliva iposi eNewcastle.

Kulindeleke ukuthi inyunyana imele le ndoda, ihlangane nabakwaSA Post Office, kuze kuzoqhanyukwa nokungaba wusizo, kusho umbiko weDaily News.

UMandla Kunene, 42, wangeniswa esibhedlela esizimele ngemuva kokuthi edliwe ngamagovu, lesi sehlakalo senzeka ngasekuqaleni kwenyanga, yena wadedelwa esibhedlela kuleli sonto.

Akekho ezikhulwini zasePost Office ozimisele ukusayina avume ukuthi inkampani izobhekana nezindleko.

Okhulumela abakwaPost Office uJohan Kruger uthe kuzoqhanyukwa nesisombululo, wanganaba kabanzi.

Kuvele ukuthi uKunene esesebenzele iPost Office iminyaka eyishumi elokhu eyitoho, ozakwabo bathi abasebenzi bakhokhelwa u-20c ngephasela leposi abalidilivile, ekugcineni lokhu kuyenzeka kwakhe u-R3 000 ngenyanga.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...