Usenkantolo umshayeli owahudula iphoyisa
2012-12-24 08:42
Johannesburg - Nakuba lasinda iphoyisa lomgwaqo, lasizwa ngabagibeli nomphakathi owamemeza ngesikhathi ubona lihudulwa yitekisi elaliyimisa.
Lo mshayeli wetekisi kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoMsombuluko ngecala lokuzama ukubulala.
Leli phoyisa lazama ukumisa le tekisi kuM1 South Highway eGoli ngoLwesihlanu, kusho okhulumela amaphoyisa alo masipala uChief Superintendent
Wayne Minnaar.
Uthi kwasiza abantu nokuyibona ababona iphoyisa lingaphansi kwemoto, ilihudula ngakuCorlett Drive.
Iphoyisa labe seliphuthunyiswa eMilpark Hospital lisesimweni esibucayi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA