Usenkantolo umfundi obulale omunye
2013-02-08 12:16
Cape Town - Umfundi waseKapa uzovela enkantolo ngezinsolo zokubulala omunye umfundi owale ukumnika umphako wakhe, kubike iDaily Voice ngoLwesihlanu.
U-Aphelele Nogqala, 14, ugwazwe emqaleni esangweni laseSilimela Comprehensive School kwaLanga ngoLwesibili.
Umama wakhe okunguNomthetho, 49, uthe indodana yakhe, ebiyenza u-Grade 9, ibihlala ikhala ngeziqhwaga zasesikoleni sayo.
"Anginalo ulwazi ukuthi ugwazwe ngubani nokuthi ugwazelweni, kodwa ngilokhu ngicabanga ngesikhathi engibikela ukuthi esikoleni kunabafundi abahlale bezama ukumphuca ukudla kwakhe kanti yena ungomunye walabo abahlale benqaba nakho.”
Ucele ukuba uMnyango wezeMfundo ufake amaphoyisa kamasipala ezikoleni.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Frederick van Wyk utshele iphephandaba ukuthi kuboshwe umfana oneminyaka engu-15 ubudala ngecala lokubulala kanti uzovela enkantolo maduzane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA