Usenkantolo owabulala usomatekisi

2012-03-27 10:16
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Owesilisa, 19, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMalahleni ngezinsolo zokubulala umshayeli wetekisi ekhokhelwa ngebanga elihambayo (metred taxi) wase eba imoto yakhe, kubika iphephandaba iBeeld.

U-Edward Charles de Beer waboshwa okokuqala ePhalaborwa ngoFebhuwari 14 ngokutholakala nemoto kaPeter Mpumelelo Mabuza yohlobo lweToyota Tazz, neyayibikwe ukuthi ilahlekile ezinsukwini ezimbili ezandulela lolu.

Wabe esededelwa ngebheyili ka-R2 000.

Iphephandaba iBeeld libike ukuthi ngoLwesibili usibali kaDe Beer, nowayehlala noDe Beer, wafonela amaphoyisa emuva kokuthola endlini kumapeketwane kukhona namachaphazelo egazi, umsolwa engekho.

Kwathi amaphoyisa esethola ukuthi uMabuza washona, uDe Beer waphinde waboshwa futhi ngecala lokubulala ngoFebhuwari 23.

Amaphoyisa aseLydenburg athola isidumbu sikaMabuza, sigoqwe ngoplastiki, silahlwe endaweni engamakhilomitha amahlanu ngaphandle kwedolobha.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone indoda engozini yeloli

Emizuzwini eyi-15 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...