Usenkantolo osolwa ngokukhwabanisa eKZN
2012-05-11 12:04
Johannesburg - Kulindeleke ukuthi ivele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda eMpangeni indoda esolwa ngokukhwabanisa izizumbulu zemali kaMasipala waseZululand, kusho amaphoyisa KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Vincent Mdunge uthi umsolwa, uKhulani Mngadi, olinganiselwa eminyakeni eko-30 ubudala, waboshwa ngenyanga eyedlule esolwa ngokukhwabanisela umasipala izinkulungwane, kuthiwa lona wabe ezenza isisebenzi senhlangano eqoqa intela, iSars.
Kuthiwa uMngadi wabhalisa inkampani okuyiyo abesebenza ngayo ukugila lo mkhuba.
Isiyonke imali ayiqolile ilinganiselwa ku-R3.2 million.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA