Usenkantolo osolwa ngokubulala abakubo

2013-02-05 07:38

Cofimvaba - Ivelile ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseCofimvaba indoda esolwa ngokubulala umama wayo, udadewabo kanye nomshana oneminyaka emithathu ubudala, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

Izobuyela enkantolo ngoFebhuwari 11 nalapho kulindeleke khona ukuthi ifake isicelo sebheyili.

Izogqunywa esitokisini, kusho uWarrant Officer Namhla Mdleleni.

“Kusolakala ukuthi izisulu, okungowesifazane, 53, indodakazi yakhe, 26, nomzukulu, 3, babelele ekhaya labo ezintatha ngoLwesihlanu ngesikhathi umsolwa ezibhokoda ngommese ezibulala," kusho Umdleleni.

Ezinye izingane zakamsolwa zakwazi ukuphulukundlela zabaleka zingalimalanga.

Imbangela yalokhu ayikaziwa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...