Usenkantolo obeqola abantu eKZN
2012-06-21 12:01
Durban - Kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoLwesine
owesilisa obezishaya udokotela osolwa ngokuqola abantu ngokubathembisa
amathenda nemisebenzi, kubika iSolezwe.
Lo wesilisa, 27, kuthiwa ubeqola
nosomabhizinisi ebathembisa ukuthi uzobatholela amathenda uzovela
enkantolo yamacala aphathelene nokukhwabanisa izimali eJohn Ross House.
Okhulumela amaphoyisa
KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe le ndoda ibanjwe amaphoyisa
eCommercial Crimes Unit ngoLwesibili.
Uthe uphenyo lwamaphoyisa luveze
ukuthi ubebona izikhangiso zamathenda nemisebenzi bese eya
kwabanambhizinisi athule umsebenzi awenzayo bese ebathembisa amathenda.
UZwane
uthe ubengabakhokhisi imali kepha ubethi abakhokhele izindleko
zokuhamba nezokulala uma eyobamela ezingxoxweni zamathenda ePitoli
nakwezinye izindawo.
Abaningi bebemethemba ngoba
ubefika egqoke ijazi elimhlophe eligqokwa ngodokotela ephethe nezinye
izinsiza kusebenza ezisetshenziswa ngodokotela.
Emuva kokuboshwa kwakhe emahhovisi kusale kwafika abanye abantu bekhala ngokuqolwa nguye.
“Bafike bachaza ukuthi ubefike
kubo abathembise amathenda abiza izigidi. Elinye lamabhizinisi
abathembisa lona elokwakhiwa kwesibhedlela sakwaNetcare,” kusho uZwane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24