Usenkantolo ngelokuzama ukubulala

2013-01-14 14:18

Johannesburg - Owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi eBrits ngoMsombuluko ngecala lokuphanga ehlomile nelokuzama ukubulala, kusho amaphoyisa aseNorth West.

Uboshwe ngeSonto kanye nomngani wakhe odutshulwe ngamaphoyisa emhlane ngesikhathi ezama ukubaleka. Kukholakala ukuthi bobabili bangabokudabuka eZimbabwe.

Laba basolwa ngokuphanga, badubule umfana oneminyaka engu-16 ubudala ngoDisemba 31.

Kukholakala ukuthi wathola ukukhubazeka, kusho uBrigadier Thulani Ngubane.

Lo mfana wayenabangani bakhe abathathu  ngesikhathi ehlaselwa abalisa abathathu. Bamphuca umakhalekhukhwini nesikhwama esincane.

Amaphoyisa akwazile ukuthola umuntu owathenga umakhalekhukhwini kuyona le ndawo ngeSonto.

"Yena owabe esetshengisa amaphoyisa umsolwa. Amaphoyisa anikela ekhaya lomsolwa ngeSonto ekuseni,” esho.

Ube eseboshwa wabe eseyokhombisa amaphoyisa lapho kukhona omunye umngani wakhe ayesizana naye, yena owala ukuboshwa washaya iphoyisa ngetshe.

Ngemuva kwalokho wabe esezama ukubaleka kodwa wadutshulwa.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...