Usekhona uMotlanthe kwezombusazwe - Umbiko

2012-12-19 10:41

Bloemfontein - Imibiko ethi uKgalema Motlanthe uzoshiya maduze kuhulumeni kumele ithathwe njengamahebezi, kusho isikhulumi sakhe uThabo Masebe ngoLwesibili ebusuku.

"Angikwazi lokho mina, akaze asho lutho," kusho uMasebe etshela iSapa.

"Kuthatheni njengamahlebezi. Okwamanje usayiphini likamengameli wezwe."

IJacaranda FM ngoLwesibili ebusuku ibhale enkundleni yokuxhumana iTwitter ukuthi kunemibiko ethi "uKgalema uzoshiya maduzane kuhulumeni".

Ngaphambilini, iNewsFire ibike ukuthi uMotlanthe wethule inkulumo yakhe engahleliwe engqungqutheleni ngoLwesibili ebusuku, evalelisa ngemuva kokuba sesikhundleni esiphezulu iminyaka engu-15.

Kwesinye isenzo esithuse abaningi, uMotlanthe wenqabe ukungenela esokuba yilungu lekomidi eliphezulu le-ANC.

Okhulumela i-ANC uJackson Mthembu uthe iqembu belingazi ukuthi uMotlanthe uhlela ukunqaba ukuba yilungu le-NEC.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...