Usekhefini uthisha oshaywe ngumfundi

2013-03-06 12:05

Cape Town - Uthisha waseFalse Bay College owashaywa ngumfundi ngesitini ebusweni, usethathe ikhefu lesikhashana futhi uthi ucela ukungaphazanyiswa, kubika iCape Argus.

NgoLwesihlanu, u-Emile Boggenpoel washaywa ngesitini ngumfundi oneminyaka engu-26 ubudala.

“Kukholakala ukuthi umfundi wabe ethengisa ama-chips ngaphandle kwekilasi, uthisha wase emcela ukuthi aqhele kancane, umfundi kuthiwa wabuya esehlome ngesitini wangena ekilasini wafike washaya uthisha ebusweni. Uthisha ulimale ngenhla kweso,”  kuchaza uPaddy Attwell, woMnyango wezeMfundo eWestern Cape.

Umsolwa ungeniswe esitokisini samaphoyisa.

UMnyango obhekele ezabasebenzi ekolishi, uthi uthisha uzokuba sekhefini kuze kuphele isonto.

Abafundi kuthiwa banemizwa engafani ngalesi sehlakalo.

ULwandile Gqalani, owazana nomsolwa uthe: “Ngiyamazi umsolwa ungumuntu ophilayo, sisonta naye. Ungumuntu ophansi, angazi yini ebingamenza athukuthele ngalolu hlobo."

Umfundi owenza unyaka wesithathu ocele ukuthi angadalulwa igama, uthe akathukile ngokwenzeka kwalesi sehlakalo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...