Usazobhekana necala uMoon
2012-06-29 16:38
Johannesburg - Umdlali webhola lezinyawo uBryce Moon uhlulekile ukuncenga inkantolo ukuthi ichithe icala lokubulala abhekene nalo.
"Kunobufakazi obanele bokuthi kuthethwe icala likaMoon," kusho iMantshi uVincent Pienaar.
UMoon ubhekene necala lokubulala kulandela ukuthi kushone umuntu amshayisa ngemoto eSandhurst ngo-2009.
Ubekade efake isicelo sokuthi lichithwe leli cala, kumanje ubhekene necala lokubulala, elokuzama ukubulala, elokushayela ephuzile kanjalo nelokushayela budedengu.
Ummeli kaMoon uNaren Sangham uthe ubufakazi obubekwe phambi kwenkantolo abugculisi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).