Usazicanasela unesi osolwa ngokweba

2011-06-02 12:26

Durban - Usasebenza ngokugcwele eMnyangweni wezeMpilo KwaZulu-Natal unesi wesilisa osolwa ngokushaya achithe nezimpahla zesiguli esibhedlela iKing Edward VIII, eThekwini, ngenyanga edlule, kubika iphephandaba iSolezwe.

Njengamanje, lo nesi uvulelwe icala lokuntshontsha emaphoyiseni njengoba esolwa ngokubaleka nezimpahla ezazinemali zikaMnuz Linda Zungu waseNtuzuma.

Okhulumela lo Mnyango, uMnuz Chris Maxon, esitatimendeni uthe basaphenya ngalolu daba njengoba bethole imininingwane kaZungu ngoMeyi 24. Uthe bamatasa bayalusebenza lolu daba.

“Lo mhlengikazi usasebenza ngokugcwele emnyangweni wezeMpilo kodwa usathathe ikhefu lokugula njengamanje,” kusho uMaxon.

Ngesonto eledlule, uZungu utheleke emahhovisi eSolezwe ethukuthele ethelwa ngamanzi walimisa ngesihloko elokuthi uyozibambela yena ngezandla lo mhlengikazi uma behlangana ngoba “uyisigebengu”.

Encwadini efungelwe yesibhedlela, lo wesilisa uthi kwathathwa ijakhethi yakhe yenani lika-R1 200 eyayinemali engu-R300. Uthi lokhu kwenzeka ngesikhathi elele ohlakeni emva kokuthi ehlatshwe ngudokotela ngomjovo wamshiya naleli nesi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 14-28°C Showery. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. PE: 13-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...