Usamangele owakwaNongoma obusiswe ngamawele amane

2015-09-14 18:43

Durban – UNobuhle Qwabe uthi namanje akakholwa ukuthi ubelethe amantombazane amathathu nomfana oyedwa ngesikhathi ebeletha eBenedictine Hospital, kwaNongoma, KwaZulu-Natal.

UQwabe, 27, utshele uMnyango wezeMpilo ngoMsombuluko ukuthi ubengazi ukuthi ukhulelwe izingane ezine ngoba ubengaxukuzi.

"Bengingazi okwangempela, ngibambe ongezansi ngesikhathi amanesi engitshela ukuthi ngikhulelwe izingane ezine. Bengingakulindele lokhu.

OLUNYE UDABA: Umyeni ubalekele obeletha amawele kuphela

"Ngesikhathi befika odokotela babone izingane ziphuma zilandelana. Angazi ukuthi ngithini, ngimangele futhi ngijabule,” ezikhulumela.

UQwabe uthi ujabulile ngalesi sibusiso kepha ukhathazekile ngokuthi uzozinakekela kanjani lezi zingane.

Lo mama ongasebenzi, unenye ingane yentombazane eneminyaka engu-9 ubudala.

"Angazi ngizozinakekela kanjani izingane zami, ngizodinga usizo ngobisi nangezimpahla zokugqoka.”

UNgqongqoshe woMnyango KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo uhalalisele ithimba elibelethise uQwabe ngomsebenzi omuhle eliwenzile.

 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...