Usakhungathekile umndeni uthola isidumbu
2012-11-13 10:01
Johannesburg - Umndeni womfana owalahleka uthole isidumbu sakhe emakhazeni kahulumeni eTshwane, kubike iBeeld ngoLwesibili.
Ubenqunywe uqhoqhoqho.
URiaan Lebembe, obefunda eMasakhane Primary School eHammanskraal, wanyamalala ngoLwesibili olwedlule elibhekise esikoleni.
Amaphoyisa athole isidumbu ehlathini eSilvertondale ngoLwesihlanu.
"Umama womfana wabikela umqashi wakhe ngeledlule ukuthi udukelwe yingane yakhe," kusho okhulumela amaphoyisa uSergeant Portia Maleka.
"Umqashi ufunde ephephandabeni iBeeld ngengane etholakele, kwathi ngoMsombuluko wabuza umama womfana ukuba useyitholile yini indodana yakhe. Kuthe lapho ethi cha, wabe esethi akaphuthume emaphoyiseni."
Umama, elingadalulwanga igama lakbe, uthumele indodakazi yakhe esiteshini samaphoyisa eSilverton ngoMsombuluko.
Amaphoyisa ahambe nayo aya emakhazeni okuyilapho indodakazi efike yabona khona ukuthi lona umfowabo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA