Usagcwele izigange obulale izingane eKapa
2012-05-29 08:29
Cape Town - Usagcwele amathafa umshayeli oshayise wabulala abafana ababili eDelft, eKapa, kusho umbiko wephephandaba iCape Times ngoLwesibili.
Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso emuva kokushona kukaSanelisiwe Magqadeni, 7, nomfowabo uLethu
Mfengwane, 2, ngesikhathi beshayiswa yimoto beya ekhaya ngeSonto ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer November Filander uthe izakhamuzi zikholwa ukuthi umenzi walokhu umshayeli wemoto emhlophe yohlobo lweBMW okuthiwa ubehamba ngesivinini esiphezulu.
NgoMsombuluko izakhamuzi zibhikishe zavala u-Abedale
Road, nalapho kushonele khona lezi zingane.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA